Udilikajele kowabulala intombi yakhe

Ngu: Sidlabehlezi Gumede

INkantolo yeSifunda eScottburgh, igwebe indoda eneminyaka ewu-30 udilikajele ngokubulala intombi yayo ngoJuly 2024 eMthwalume. Umufi nommangalelwa babethandana benengane. Ngo-28 July 2024, ummangalelwa wabona umufi enomunye umlisa olwandle eHibberdene. Ngesikhathi ummangalewa eya kubona, lo mlisa wasuka wahamba washiya umufi nommangalewa.

Ummangalewa waqonda umufi wamtshela ukuthi kufanele ngabe usekhaya nengane esikhundleni sokuba solwandle. Ummangalewa wayekholwa wukuthi umufi wayejola nalo mlisa.Kuthe ngokuhamba kosuku umufi nommangalewa baphinda banqwamana eshibhini eMthwalume. Ummangalewa waphinda watshela umufi ukuthi akufanele ngabe useshibhini. Umufi waphuma wahamba kodwa ummangalewa wamlandela. Kuthe uma ummangalewa efica umufi wamshaya.

Umakhelwane wezwa umuntu ekhala ngasendlini kammangalelwa. Ummangalewa wabonakala ephuma endlini eya esitolo sendawo. Ngakusasa umakhelwane waya ukuyobheka wafica umufi edindilizile embhedeni elimelele. Umakhelwane wabona idamu legazi, kwase kubizwa amaphoyisa.Ummangalelwa wabaleka kodwa wabuye wazihambisa emaphoyiseni emuva kwezinsuku ezine.

Enkantolo, uMshushisi u-Active Njakazi ubzie ufakazi okungumakhelwane, amaphoyisa afika esigamekweni nomphenyi wecala. Kubizwe nodokotela owahlola isidumbu naye wafakaza.Umshushisi ekhonga isigwebo esiqinile,ubize uyise kamufi wafakaza echaza ngobuhlungu obudlawe ysigameko emndenini wonke. Inkantolo igwebe ummangalelwa udilikajele. Ngaphezu kwesigwebo inkantolo ithe lo mlisa akafanelwe  wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.

I-National Prosecuting Authority iyakwemukela ukuphothulwa kodaba futhi imisele ukulw anesihlava sodlame lobulili.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.