
Ngu: Thandeka Ngobese
Injabulo ibibhalwe ebusweni kubafundi baseMaqhinga High School eShane eMvoti ngesikhathi uMhlonishwa Meya etheleka kulesi sikole wanikela ngenyumfomu kubafundi abaswele ukusuka phansi kuya phezulu.
UMhlonishwa Meya Khansela Thembisile Mchunu enikela lomfaniswano wesikole kubafundi ebebephelezelwa ngabazali babo uthe ingane kayikhuliswa ngabazali bayo kuphela kodwa umphakathi wonke. Ngalesi sizathu ubengeke athule ebukele esezwile ukuthi kunabafundi abangenawo umfaniswano wesikole ophelele.
UMhlonishwa Macingwane unikelele abafundi abawu-60 ebathengela izicathulo, ibhulukwe, noma isiketi kwabesifazane, amashethi namajezi.
Abazali bezibongela kuMhlonishwa Meya bathe bayayiqala into enje ukunikelelwa ngomfaniswano ophelele.
“Akukho esisazokuthenga la kukhona konke, siswele imilomo eyizinkulungwane ukubonga kuMhlonishwa Meya,” kusho omunye wabazali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
