
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko waKwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, ugcizelele ugqozi lukahulumeni lokusebenzisa ingqalasizinda yezemidlalo njengesikhali sokulwa nezinkinga zomphakathi kanye nezentsha. UKhawula ukusho lokhu ngesikhathi esLakeside, eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal, lapho abeyovula khona ngokusemthethweni izinkundla ezintsha ezihlanganisiwe kanye ne-outdoor gym.
Lesikhungo somphakathi esibekwe kahle phakathi kwezikole ezimbili, kulindeleke ukuthi sisize abafundi bendawo kanye nezakhamuzi ezizungezile. IMeya yase-Abaqulusi Local Municipality, uKhansela uSifiso Eric Mkhwanazi, ujoyine uNgqongqoshe uKhawula eLakeside Community Hall eWard 22 kanye nabanye okhansela bakamasipala kanye nobuholi bendawo.
UKhawula ugcizelele ukuguqulwa kwendawo kusukela endaweni yokulahla imfucuza engekho emthethweni ibe yindawo yomphakathi esebenzayo.“Namuhla, silapha ukuvula ngokusemthethweni le nkundla ehlanganisiwe. Njengoba wazi, le ndawo yayisetshenziselwa ukulahla imfucuza ngokungemthetho ngaphambilini, kodwa sayiguqula yaba yindawo yezemidlalo eminingi,” kusho uKhawula.
“Ngiyajabula ngoba umnyango uvumile ukwakha inkundla ehlangene, kuyilapho umasipala uzibophezele ekuyigcineni ngoba iyindawo ehlanzekile nephephile lapho abantu bengazivocavoca khona, baphumule ngezimpelasonto, futhi babambe imicimbi.
“Sibonga umasipala ngokubambisana kwabo, futhi manje sinxusa umphakathi ukuthi uziqhenye futhi uvikele lesi sakhiwo. Siyajabula ukubona lo msebenzi uphumelela.”
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
