
Ngu Sidlabehlezi Gumede
Zizokwazi namhlanje ngekusasa lazo izinkabi ezimbili zaseHammarsdale ezabulala ibamba likathishanhloko waseSkhethuxolo High School uBusani Khomo.
Lezi zinkabi zisanda kulahlwa icala lokubulala uKhomo. Bekulindeleke ukuba zigwetshwe ngeledlule kodwa ukugwetshwa kwazo kwahlehliselwa inamhlanje.
UKhomo wabulawa nyakenye ephuma esikoleni. Ukubulawa kwakhe kusolwa ukuthi kwabe kuhlangene nombango sesikhundla sikathishanhloko esikoleni.
Kunemibiko ethi uKhomo wayethwelwe ngeqoma ukuthi nguyena owayezoqashwa njengoba wayesebambe isikhathi eside esikoleni futhi senza kahle ngaphansi kobuholi bakhe.
Saba sikhulu isililo ngokubulawa kwakhe njengoba ebethathwa njengabanye bothisha abakhuthele futhi abahlakaniphile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
