Ingwazi ikhala ngabaqeqeshi beChiefs abangavuthiwe

Ngu Mduduzi Mbangayiya

UBrain Bafana Baloyi oyingwazi yeKaizer Chiefs neBafana Bafana usesole iMpofana ngokugcina amabamba abaqeqeshi uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze ngokuthi abanayo indlela eqondile yokudlala kodwa babamba beyeka.

“Ngabafanisa nabashayeli abashayela iloli elisindwa ngumthwalo ngendlela ebasindangayo iKaizer Chiefs,” kusho uBaloyi.

Uthe bakhona abadlali kodwa bayahluleka ukubadlalisa njengoba bengenawo amacebo okubahlanganisa kahle ukuze bakhiqizele iqembu imiphumela emihle.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu leKaizer Chiefs lisanda kuphuma emqhudelwaneni emkhulu iCarling Black label Knockout Cup, iNedbank Cup neCAF Confederation Cup.

Lokhu kucacile ukuthi njenga manje leli qembu leKaizer Chiefs lizobuyela endlaleni yokuganqobi lutho kule sizini ngaphansi kwalabaqeqeshi.

IKaizer Chiefs inomlando ebholeni lase Ningizimu Africa njengoba yabayiqembu  elikhulu e-Africa, ngokuzakhela abalandeli abaningi ezweni, nasemazweni angomakhelwano njengeLesotho, Botswana, Swaziland, Mozambique naseZimbabwe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.