
Ngu: Mduduzi Mbangayiya
Umqeqeshi weDurban City FC uPitso Dladla uhlabeke umxwele ngomdlali wakhe wasemuva Emmanuel Jalai waseZimbabwe.
Lo mqeqeshi utshele IBunda izindaba ukuthi uJalai ungumdlali onobuhlakani nokuba sezingeni eliphezulu.
“Ngiqale ukumlandela ngesikhathi iBafana Bafana idlala neZimbabwe emdlalweni yokuhlungela i-World Cup, ngaphinde ngambona emdlalweni ye CAF African Cup of Nations eMorocco ngoZibandlela. Ngicabanga ukumnika isikhathi sokuthi azijwayeze ngesimo sendawo yaseNingizimu Africa,” kusho Dladla.

Leli qembu lisanda kuqoqa amaphuzu amathathu agcwele ngoLwesihlanu ebusuku eChartworth Stadium ngesikhathi linqoba kuTS Galaxy FC ngo-2-0 nokwenza ukuthi libe sembangweni wamaqembu alwela ukuthola indawo ehloniphekile ku-Top 8.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
