
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
IMeya yaseMvoti ukhansela uGabriel Malembe isiqale uhlelo lokusiza abafundi abaqhamuka emindenini engathathi entweni ngemifaniswano yesikole nokunye.
UMalembe uthi babonile ukuthi kunezingane eziningi ezingenayo imifaniswano okugcina kuphazamisa ukufunda kwazo.
“Sesiqale uhlelo lokusiza abafundi abadingayo ngemifaniswano nokunye, inhloso yalokhu ukugqugquzela ukufunda,” kusho uMalembe.
Uthe akumele kube khona ingane engakwazi ukufunda ngoba nakhu kuthiwa ayinawo umfaniswano.
“Sizibophezele ekusizeni abantwana bethu, noma nathi singenakho okutheni kodwa ngalokho okufishane okukhona kuzowenza umehluko,” usho kanje.
UMalembe ofana nesigqigqana somfana ohambisa iposi ngendlela akhuthele ngayo, usanda futhi kuchoma uphaphe lwegwalagwala abafundi baka-matric baseMvoti abenze kahle ezifundweni zab nyakenye.
Uthe kubalulekile ukuthi batshele emfundweni ngoba iyisikhali sezwe.
“Siyakugqugquzela kakhulu ukufunda entsheni ngoba iyona eyikusasa lezwe,” usho kanje.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
