
Ngu: Sidlabehlezi Gumede
Umphakathi wakwaXimba entshonalang yeTheku uhlela inkonzo yokugeza izivakashi zaphesheya kwezilwandle ezabhubha engozini yebhasi ebhulohweni le ndawo eselibaqedile abantu.
Le nkonzo ezobusiswa umholi wamaNazaretha aseBuhleni, iNkosi uMduduzi Nyazilwezulu Shembe, ihlelelwe umhlaka-25 kuyo le nyanga ukuze kususwe imimoya yabo okukholakala ukuthi yiyo edala izingozi zomgwaqo kuleya ndawo.
Umholi woMphakathi wakwaXimba obuye abeyilungu leMKP eSishayamthetho saseKZN, uMnuz Musa Mkhize uthe sekukaningi abantu bephela kulowa mgwaqo ngenxa yezimoto eziqeda abantu kuleliya bhuloho.
“Sesinqume ukuba sibenenkonzo yokugeza imiphefumulo yalababelungu baphesheya abashonela kuleliya bhuloho eminyakeni engu-100 eyedlule bezozijabulisa endaweni. Siyakholelwa ekutheni imimoya yabo yiyo lena edala izingozi ezingaka kulowa mgwaqo.
“Ngakho sihlele le nkonzo ezobusiswa uNyazi kanye noMengameli wethu ubaba uJacob Zuma,” kusho uMkhize.
Kusuka kwenzeka le ngozi, sekube nenqwaba yezingozi ezidonsa izihloko zabezindaba zishaqise nezwe kulowa mgwaqo wakwaXimba .
Ngonyaka ka-2005 kwabhubha amalunga amahlanu omndeni owodwa ngesikhathi imoto yabo ikhalakathela kuleli bhuloho.
Ngonyaka ka-2017 kwashona amakholwa angu-19 ayeyenkonzweni ngesikhathi itekisi yawo ikhalakathela kulo leli bhuloho.
Ngonyaka ka-2019 kwashona abantu abangu-8 ngesikhathi iloli elalihudula inqola liphaphalaza lishayisa izimoto ezimbili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
