
Amaphoyisa ophiko lweReaction Unit South Africa (RUSA) kanye neSouth African Police Services (SAPS) aphendule ikhwelo lokuthola usizo lomphakathi othole ingane eyashaywa kanzima yaphinde yahlukunyezwa izikhathi eziningi. Lesigameko sibikwe kwabezomthetho ngamalunga abahlali basemijondolo eduze kwase-Hazelmere Dam becela usizo ngemuva kokuba intombazane eneminyaka emine (4) itholwe inamanxeba avulekile ebusweni, nasemzimbeni.
Amaphoyisa aseVerulam kanye nabezimo eziphuthumayo basabele obizweni futhi lapho efika ahlangatshezwa ngamalungu omphakathi abanikezela ingane yentombazane (imininingwane igodliwe ukuvikela ukuthi ungubani). Ngesikhathi ihlolwa ingane itholwe inamanxeba ambalwa avulekile kuyo emhlane, izinyo elilahlekile, udebe oluqhume, izilonda ebusweni nezibazi zamanxeba abesepholile emzimbeni wakhe.
Umphakathi obuhlangene wazisa amaphoyisa ukuthi ingane iphinde yashaywa unina noyise wayo oyizalayo isikhathi eside. “Ubelimele futhi akazange anikezwe usizo lwezempilo.” kumemeza elinye ilunga lomphakathi. Akuzange kutholakale ukuthi ngabe izinyo lakhe elilahlekile kwaba umphumela yokuhlaselwa.

Indaba iqale ngesikhathi lentombazanyana ibuyile ekhaya iphuma ukudlala nezingane endaweni. Bobabili abazali babuza ingane ukuthi ikuphi usuku lonke baphinde bayishaya bayivalela
endlini nezingane zakubo ezingamawele ezinezinyanga ezinhlanu. Ingane elimele icele usizo komakhelwane ngesikhathi abazali bayo beya emsebenzini namuhla. Ilungu lomndeni elihlala endaweni kukholakala ukuthi liqophe lesigameko sokuhlaselwa kwalomntwana ngomakumakhalekhukhwini waso.
Ngokolwazi olutholiwe, i-video emfushane ikhombisa ukuthi ingane yakwaGrade RR (igodliwe imininingwane yesikhungo) ishaywa ngabazali bayo bobabili nge-ayina. Ilungu lomndeni eliphethe ividiyo alitholakalanga ngokushesha. Amaphoyisa abophe umama ase emvalela kwaSAPS Verulam. Ngesikhathi amaphoyisa efika lapho ayeqashwe khona ubaba ngenhloso yokumvalela kodwa wangatholakala. Bobabili abazali babhekene namacala ahlobene nokuhlukumeza/ukunganaki kwezingane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
