Ukukhanya kwabasindwayo ngesikhathi kufika ubuholi baseMsinga Pomeroy Clinic Center

Bekuyinjabulo yodwa njengoba uMhlonishwa uMeya uCllr Dr FJ Sikhakhane ,uSekela Meya uCllr TB Mabhatha,uSomlomo woMkhandlu uCllr S.G Bangela kanye namakhansela aseMsinga bevakashela ikhaya labadala eShiyane beyobapha izipho baphinda badla isidlo sasemini nabo ngenhloso yokubabona besaphila futhi babafica besaphila nokubonga abaphathi bakhona ukuthi babaphethe kahle.

Abahlonishwa baphinde badlulela ePomeroy Clinic Center kanye nasesibhedlela sasoThukela ukuyofisela abagulayo ukuthi belulame ngokushesha babafisela nokululama okusheshayo baphinda bakhuleka ukuthi oMdala wezinsuku abasindise ezifeni esibakhungethe bekwazi ukuphindela emakhaya abo besaphila.

Abangcina lapho kodwa baphinde babapha nezipho ezibuyisa ithemba nokubakhombisa uthando kubo ukuthi uMkhandlu waseMsinga uyabathanda njengoba bengene wonke amawodi.Baphinda babona nomama babantwana abazalwe namhlanje nalabo abasalindele babafisela ukhisimuzi omuhle kanye nonyaka omusha onezibusiso.

Abaphathi bakulezikhungo kanye nabahlengikazi babonge banconcoza kuMkhandlu waseMsinga oholwa uMeya uMathula kanye neziguli zikhombise intokozo enkulu zathi zinethemba elikhuli ukuthi sizolulama.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.