Kuzosiphuka izidindi ku Lenge Annual 44 Tournament eMsinga

Amaqembu ebhola lase eMsinga azoyititiliza imali ku Lenge Annual Tournament, lemidlalo iqembu iminyaka engu 44 yabakhona kusukela ngo 1979, le Tournament iphethe isamba sika R 1500000 , umhleli nomqondisi wale tournament uBongumusa Mkhize uthi intaka izoba ibekelwe amazolo emaqenjini azobanga isamba sesiteki semali engu R90000, lamaqembu angu 16 kulonyaka akhuphukile kunaleminyaka edlule, khona manjalo kunohlelo olusha abanalo olubizwa ngokuthi Tournament Legacy Programme, lunesamba semali engu R20000, yokunikela ezikoleni nakumaligi amancane, loluhlelo lizosebenza ngendlela eyehlukile yokugqugquzela abadlali ukuthi bashaye amagoli kule Tournament, njengoba kulindeleke ukuthi bashaye amagoli angaphezulu kwa 20, mangabe umdlali eshaye igoli elilodwa lingu R1000 leyomali izongena kulesikhwama sokuthuthukisa ibhola lezikole nebhola lemaqembu amancane adlala ku Association wase Lenge, amaqembu azodlala lemidlalo aqhamuka kumkhandlu wseMzinyathi ngaphansi komasipala waseMsinga. amanye aqhamuka ngaphansi komkhandlu wase Thukela ngaphansi kamasipala Alfred Duma, izindawo zamakhosi aphuma kuwona khona Inkosi yakwa Sithole, Inkosi yakwa Majozi, Inkosi yakwa Mthembu, Inkosi yakwa Mabaso, lemidlalo izoqala ngomhlaka 25 enkundleni yezemidlalo eLenge Stadium, lemidlalo izohanjelwa ngabaqeqeshi abaphuma ku Jomo Cosmos, ngaphambili isike yahanjelwa ngu Ayanda Cobra Dlamini owazakhela igama eqenjini laMaZulu FC, no Mabhuti Khenyeza ongumqeqeshi we Golden Arrows, kulemidlalo iqembu elizophuma phambili lizogoduka nesamba sika R 35000, inkomishi nejezi, abahlulwe kowamanqamu bona bazothola umthobanhliziyo wemali engu R20000, ijezi , izindondo, abaphume isithathu bazogoduka nesamba sika R 10000 nejezi, izindondo,


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.