
Abalandeli bezemidlalo eMabomvini esigodini saKwaDolo, bazozitika ngemidlalo yebhola lezinyawo, lemidlalo izobanjelwa KwaDolo Sports Ground, kuzohlangana amaqembu amane aqhamuka ezigodini ezine, phakathi kwezigodi ezikhona phakathi kwazo, kuzoba khona osokhaya uDolo, INzala, Inqoleni, Kwaphakwe, lemidlalo izophinde ihlomulise osomabhizisi abancane abazothengisa enkundleni, khona manjalo kulindeleke ukuthi abantu bathole ithuba elihle lokuhlangana babuyise uthando emndenini yabo nabahlobo babo, namalungu omphakathi wonkana, iningi Lezakhamuzi zase eMabomvini zisebenza emadolobheni amakhulu namancane, UThulasizwe Zakhele owayengumdlali waMaZulu FC, ubona ithuba elihle lokufukula ezemidlalo emphakathini wase Mabomvini. nginxusa amaqembu adlala ku ABC Motsepe League KwaZulu-Natal nadlala ku Dstv Premiership, ne Motsepe Foundation League, ngoba likhona ikhono emabomvini lokho kufakazelwa ngukuthi, Lawrence Ngubane wase Nzala owamenenja amaqembu amaningi adlala ku PSL ngabala Orlando Pirates, AmaZulu FC, Royal Tigers FC, Manning Rangers FC, African Wanderers FC, Richard Ngubane wase Nzala owayibamba ku MaZulu FC, Sazi Ngubane wase eNqoleni, owayibamba kuMaZulu FC, waphinda wanqoba iCoca-Cola Cup ngo 1992 ngaphansi komqeqeshi ongasekho emhlabeni Clive Barker, uphinde abe ngumqeqeshi weqembu le Royal Am labafana abaneminyaka eyishumi nesishagalolunye, Dagama Gama wakwa Dolo owadlala ku Phoenix City, UThulasizwe Zakwe kuMaZulu FC, Wilfred Mcazeleni Mbanjwa Moroka Swallows FC, Mxolisi Bojasi Mbanjwa Royal Eagles, Plutinum Rovers, bonke laba baphuma KwaDolo, uKe Mbatha Orlando Pirates wase eNqoleni, Gwinyitshe Dlamini wase eNqoleni osegijime umjaho omkhulu emhlabeni jikelele Comrades Marathon, Fanakhe Ngubane wase Nzala osegijime Comrades Marathon, lemidlalo izoqala ngomhlaka 25 kwaDolo Sports Ground ngo 10:00 ekuseni iphele ntambama ngo 17:00
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
