
Lamazwi ashiwo iMeya ehloniphekile yoMkhandlu waseMsinga Cllr Dr FJ Sikhakhane ngesikhathi eyodlulisela ngokusemthethweni injini ephampa amanzi kwa ward 06 ngaphansi kobuholi buka Cllr P Dladla.
- Lenjini yacelwa amalunga omphakathi
aseNgqongeni njengoba iningi lawo liziphilisa ngokulima emtateni. Umphakathi wakulendawo wacela kuKhansela uDladla ukuba bethengelwe injini njengoba beseku neminyaka eminingi bengakwazi ukuqhubeka nokutshala, ngenxa yokuthi bafelwa injini edonsa amanzi emfuleni uThukela ukuze bekwazi ukuthelela izitshalo. - UKhansela wabe esedlulisela kuMeya kanye nakuMphathi woMkhandlu uMr Sokhela lesicelo somphakathi njengoba namhlanje bese beyilethile injini, ukuze umphakathi ukwazi ukulima beqhubeke ngokuziphilisa ngezitshalo ezikhiqhizwe imisebenzi yezandla zabo.
UMhlonishwa uMeya ube esenxusa umphakathi ukuthi uyiphathe kahle lenjini futhi ugade namasela ukuthi engayebi lenjini.Ngoba uma ilahleka miningi imindeni, ikati eliyolala eziko njengoba lenjini izosiza kakhulu umphakathi ukuthi ukwazi ukuphilisa imndeni ngokulima.Njengoba noMkhandlu waseMsinga ukhuthaza kakhulu ukuthi abantu bekwazi ukuzenzela ngezandla zabo.
UMphakathi wakulendawo ukhombise ukujabula kakhulu njengoba bebebonga bengaphezi kuMhlonishwa uMeya baphinda bathembisa ukuthi bazoyigada njengezikhali zamantungwa lenjini.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
