[IMIBONO] I-ANC KZN ngeke iyinuke iKwaZulu-Natal ngo 2024

Mhlei kanye nabafundi be IBUNDA IZINDABA, ngiyabingelela. Ngithi nami ngicela ukusika kwelijikayo ngengukubona sekucacele ngisho ingane esanda kuzalwa. Ngiwumuntu othandayo ukubeka izinto ngembaba ukuze ngingashiyi lutho futhi yonke into ihlale pbala kuhle kwezinqe zesele. Sekucacele noma ubani manje ukuthi Ie-ANC lapha eKZN, eholwa nguSiboniso Duma, kumele yamukele iqiniso elibuhlungu lokuthi i-ANC ngeke ilunqobe ukhetho KwaZulu-Natal ngo-2024.

Ngesikhathi uZuma ephakamisa uNDZ kwesobumengameli ngaphambi kweNgqungquthela yaseNasrec ngo-2022, lobubuholi bahambela eNkandla buyomeluleka ngokuthi banqume ukungahambisani no-NDZ futhi beseka uMkhize. Ngakho-ke akumangazi ukuthi uZuma enqabile isimemo se-ANC eKZN sokuba ubuso bomkhankaso KwaZulu Natali. Sekuyisikhathi sokuthi bavumele ikhehla liphumule.

Ngijabule ngimi ngentaba ngoba uZuma edalule ukuthi ngo-2024 uzovotela iqembu elisanda kusungulwa – uMkhonto WeSizwe kanti futhi selkibhalisiwe nakwiKhomishini yoKhetho ekuqaleni kwalo nyaka futhi lizongenela ukhetho lukazwelonke oluzayo.

Futhi wenze kahle ngokuthi abagxeke abaholi be-African National Congress (ANC) ngesikhathi ememezela ukuthi uzolishaya indiva leli qembu okhethweni ngo-2024 futhi avotele enye inhlangano.

Thandi Nala – PMB/KZN


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.