Abaphehli benkohlakalo ngama izikhulu zikahulumeni

Kwelakho Mhleli, ngithi angikhale ngesimo engisibona siqhubeka senzeka ezweni lethu ngalohulumeni wethu esamfakayo ukuthi uzoqeda inkohlakalo. Izikhulu zikahulumeni, omasipala nemikhandlu neminyango abasebenza ngokungathembeki emsebenzini yabo abayifungele, yikhona okudala abanempethu enkulu yenkohlakalo kuhulumeni wase Ningizimu Africa.

Bagubha isilonda senkohlakalo becashe ngamaphozishini nangemfundo, baphinde bafake osopolitiki ngamakhanda ogibeni mangabe bebabelesela ngokuthi akuhanjiswe intuthuko yomphakathi.

Bayakwazi ukwakha itulo lokuphahlaza osopolitiki ngebhomu, baze bakhiphele izimbangi amafayela ngosopolitiki mumbe ngoba uyabaphazamisa endlini yabo yokukhwabanisa okujulile.

Kuvela ukuthi bangomahamba ngesisu, ngeke nakancane ubathembe ngoba baphinde baqashe abantu besimame ngokocansi, baqashe ngobuhlobo nangobungani. Baneqhinga lokukhipha izikhangiso mbumbulu zomsebenzi khona bezokhanta ukuthi bawukhangisile.

Abantu abangazi ngalomkhuba bagijima beshesha beyogcwalisa amafomzi omsebenzi kanti batapa iqanda lenjelane, baphinde bahlalele ethembeni elingekho.

Kumanje kugcwele izingane zabo emnyangweni eyahlukene abaziqhashayo ngoba baziqhasha ngokuthi badukise umkhondo ngokuthi ingane isebenza ngaphansi kamngani wakhe komunye umnyango, baphinde bantshontshe imali bayishintshise kwamanye amazwe.

Izingane zabo zihola itshe lemali kahulumeni ngoba ziphathiswa izikhundla emnyangweni. Kuqhashwa kuphela abantwana bezihlobo zabo nazo kumele zigwaze. bavale emnyango kungangeni muntu.

Bantu baseNingizimu Afrika, angeke siphile kanjena ngoba isizwe sethu sizoqhubeka nokuya eweni elimnyama bese sithi sathula sathini konke lokhu kwenzeka phambi kwethu nah? Asambe soVota, futhi siphume ngobuningi bethu ngoba iyona ndlela esayinikwa umthetho sisekelo lokuthi sishintshe lapho seingaboni khona ngaso linye.

David Mncube – Ezingolweni/KZN


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.