
Indlala nezifo emphakathini wase makhaya eNingizimu Africa kudlangile kakhulu, abantu abasha abaningi eNingizimu Africa abasebenzi nhlobo, lokho sekuqubule umbuzo wokuthi ngabe iqembu elibusayo lizoqhamuka naliphi iphuzu elinganxenxa ngalo abantu abasha.
Kumanje abantu abasha babulawa yindlala nobubha nezifo ngoba baphiliswa ngabazali abahola imphesheni yokuguga. Kunzima ngoba baqambe amanga kakhulu abaholi baka ANC bathembisa izeleze ngokuthi kuzoba nemfundo yamahhala, amathuba omsebenzi, kodwa lokho kuyinkinga enkulu.
Njengoba leliqembu elibusayo likhungethwe yinkohlakalo ezikhulwini zikahulumeni wase Ningizimu Africa ukuvulela abantu bangaphandle kuleli. Abantu bangaphandle bayabulala izakhamuzi zase Ningizimu Africa, kodwa uhulumeni uyathalalisa, kungabi nandaba yalutho ubugebengu budla lubi kakhulu eNingizimu Africa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
