Abantu base uMvoti abakholelwa ku ABC

Iqembu ABC lizolahlekelwa kakhulu kulolukhetho lomhlaka 29 May 2024, lokho kudalwa ukuthi abantu abamethembi umengameli walo uPhilani Mavundla kusukela emuva kokuba abeyinkokana emaqenjini aphikisayo KwaZulu-Natal .

Njengoba abantu baKwaZulu-Natal bebefuna kuqunjwe phansi umbuso ka ANC kumkhandlu wase eThekwini kodwa yena wayehola ikhokhasi yamaqembu aphikisayo. Wabangumdayisi wacabangela isisu sakhe kuphela wangacabangela izimpilo zabalandeli be ABC, lokho kwamveza ngokusobala ukuthi ungumholi olambile eswini nongugombela kwesakhe.

Khona manjalo uphinde waketula umbuso we IFP eMvoti lapho eyiMeya yakhona kumanje, lomholi uphinde waba nokumdonsiswano nohlangothi oluholwa ngu Bhungu Gwala. UMavundla uhlulekile ukuhambisa intuthuko ezakhamuzini ezakhele umasipala wase uMvoti njengoba intuthuko ayibonwa nangokhalo.

Abantu base uMvoti babhuqa bhuqwa yindlala nokuswela umsebenzi nezifo ezingalapheki, nokushoda kokuhlinzekwa kwabantu ngezempilo. Ukungabi nazo iziteshi zamaphoyisa ezenele ngaphansi kamasipala uMvoti,. njengoba uMvoti unezakhamuzi eziningi. Ukwanda kwabantu abasha abangasebenzi emphakathini wase uMvoti, ukungathuthukiswa kwedilobho lase eMdlovane.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.