
Amandla okuphatha umbuso kweqembu le ANC usufike ekugcineni njengoba leliqembu lehlulekile ukuletha izimfuno zabantu ukuhluleka ukunqanda isimo se Covid 19, ukusweleka kwemsebenzi, ukwanda kwezikweletu zezwe ebhange lomhlaba.
Indlala nobubha nezifo ezibulala abantu eNingizimu Africa. ukugcwala kwabantu bokufika kulelizwe. Kumanje lelizwe alivikelekile nhlobo njengoba abantu bokifika bangena nezikhali ezimbi babamba inkuzi kuhlonyiwe, ubugebengu budlangile kakhulu kulelizwe.
Kuzokhumbuleka ukuthi amaqembu ahlulekile ukubambisana ekuphatheni komasipala ngokubambisana. Lokho kuzodala ukuthi lelizwe lingabuseki nhlobo njengoba kudaleka amaqembu amaningi amancane kuzophinda kuyiphundle ANC ngabavoti.
Iqembu elisha uMkhonto wesizwe Party, lizobamba iqhaza elimqoka ekukhipheni emdlalweni ANC njengoba abalandeli balo abaningi baxebuka ku ANC namanye amaqembu azolimala afana ne IFP, NFP. Abantu abasha abaningi eNingizimu Africa abasayifuni ANC ngoba ayiwavulanga amathuba omsebenzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
