
UTendai Ndoro namanje akakhohlwa usuku lapho Orlando Pirates ishaywa ngamagoli angu 6-0 yi Mamelodi Sundowns FC. “Sabuzana sodwa no Ayanda Malume Gcaba ukuthi leMamelodi Sundowns FC ihlasela ngezinyoka noma yizingwenya ngoba ibhola sasiphambana nalo sonke.” kusho uNdoro.
Kulomdlalo iPirates yathelwa ngehlazo elibi kakhulu emlandweni webhola lapha eningizimu Afrika, ngoba emva kwalomdlalo umqeqeshi Muhsin Ertugral wasula esikhundleni. “Wasula engakafiki ngisho ehotela lapho ehlala khona. washiya bukhoma ku Super Sports Tv.” kusho uNdoro
I Super Sports United yaphinda yaqhubeka lapho kugcine khona iMamelodi Sundowns FC. njengoba yashaya amagoli angu 6 – 2, uTendai Ndoro ubona ukuthi kwabe kungumuthi we Mamelodi Sundowns FC lona owabaphambanisa nebhola wabaqhatha nabalandeli be Orlando Pirates.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
