
Izakhamuzi zase uMvoti zikhala ziyazethulisa ngesibhedlela sase Greytown Hospital, ngokuthola ngezakhamuzi ezisebenzisa lesibhedlela zikhala ngomphathi waso okuvela ukuthi uhlangane nomunye usomabhizinisi wakhona eMdlovane ngokuqedela abantu abagulayo ukuze lelibhizinisi likhule.
“Mangabe uhambe wabuya kusona lesibhedlela ubogaya utshwala ubonge kwabaphansi ngoba kuyivela kancane ukuthi ubuye usaphila.” kusho esinyi isakhamuzi esizibize ngoJoyce.
Abantu abaningi bayasaba ukulaliswa eGreytown Hospital ngenxa yokuthi bazokhushulwa bayiswe kwagoqanyawo.
Omunye washaya ngonyawo phansi kuthiwa uzoyiswa eGreytown Hospital ngoba wayesezwile ngalesibhedlela esidayisa ngezimpilo zabantu ngoba befuna ukuceba.
Ufica izimonto zalosomabhizinisi zimile ngaphakathi emabaleni esibhedlela zilindele abaqedeliwe kadebagula. Imizamo yokuthola okhulumela lesibhedlela ayiphumelelanga ngoba ucingo belukhala lingabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicelela.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
