
UTebello Ramakongoana ongumgijimi we Xcel Running Club uzoyomela iqembu le Xcel Running Club eJapan ngesonto emjahweni we Osaka Marathon. URamakongoana kulindeleke ukuthi abuye nomphumela omuhle ngesonto kanti lomsubathi usekhombisile umhlaba wonke ukuthi ungumsubathi onamandla.
Khona manjalo abanye abasubathi be Xcel Running Club bazolibangisa eMgungundlovu ku Capital City Marathon, kubasubathi abazoyibamba ku Capital City Marathon kukhona Sibusiso Kubheka. UTebello Ramakongoana useke wanqoba iDurban International Marathon,wathola indawo yesithathu ku Sanlam Cape Town Marathon.,waphinda wathola indawo yesibili ku Nelson Mandela Bay Half Marathon.
Kulindeleke ukuthi Xcel Running Club ishanyele emjahweni we Capital City Marathon njengoba inabasubathi abanohlonzo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
