
Idolobha laseMdlovane maphakathi nesifundazwe saKwaZulu Natal seliphendulwe into ongayazi ukuthi ungayibiza ngaliphi igama, njengoba lingasanakekelwa nhlobo kusukela ezakhiweni zikahulumeni nasemgwaqeni omazombe zombe.
Kuphuhluka izimpethu, kuyalaxuka kuleli dolobheni ukungcola, nomcamo ongathi ngumgede wezimbila kunqamuka ikhala mangabe uhamba emaranki akhona.
Ukugcwala kwemfucuza lapho ingadingakali khona, ukushoda kokuvuselela kabusha imigwaqo, kwenze lelidolobha libonakala ukuthi ngathi lashaywa yizulu njengoba liyaqhubeka nokonakala.
Umbuso wamaqembu abebusa lomasipala wonke ahlulekile ukucabangela izimpilo zabantu kodwa bonke abaholi bacabangele izisu zabo. Abaholi base uMvoti banepolitiki eshibhile kakhulu emhlabeni jikelele njengoba behlula ukuhlinzeka abantu ngentuthuko.
Labaholi balibele ukulwa bodwa esikhundleni sokuhambisa izindingo kanye nentuthuko kubantu ababakhethile ukuthi babamele kuhulumeni, kodwa balwa bodwa baphinde bantshontshe imali yabakhokhi bentela.
Lomonakalo ubukeka usekude nokuphela ngoba uphinde uvimba intuthuko, ukungavuleki kwamathuba omsebenzi ngoba izimali zakhona ziyadliwa zokuqala umsebenzi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
