
Iqembu le DA liseduze nabantu base makhaya ngoba bathi bona lincono kune ANC,EFF, IFP, ABC, NFP. Abantu abasha nabadala babona ukuthi ushintsho bangalenza ngokuthi bavotele iqembu le DA ngokhetho lohulumeni kazwelonke. Intsha ikholwa ukuthi mangabe kungaphatha iqembu le DA ubudlova nobubha nenkohlakalo nokuswela imsebenzi kungaphela.
Kumanje izikhamuzi zase Ningizimu Africa zihlezi lubhojozi ngabantu bokufika abangena ngokungemthetho kuleli abaphatha izikhali eziyingozi enkulu, njengoba abantu abaqhamuka emazweni angaphandle banobugengu kodwa uhulumeni uyabafukamela.
Kukhona izindawo zase Ningizimu Africa eziphethwe ngabantu bokufika ezifana ne Points eThekwini nasindaweni eziningi ezingamajalidi bahlala kuzona bakhande izidakamizwa. Amaphoyisa awakhululiwe ukuthi asebenze ngendlela yawo ngoba izigilamkhuba zihlangene nabaphathi bamaphoyisa, nabaholi bezepolitiki baphakathi ekudayiseni izidakamizwa.
Kunemizi emningi engavulwa nhlobo ngoba kukhandwa izidakamizwa, labashokobezi baphinde bahlome ngezikhaki ezimbi kakhulu. Kumanje kunombango omubi ezimayini zase Ningizimu Africa phakathi kwezakhamuzi zalapha nezase Lesotho, Zimbabwe, lamaqembu emgulukudu abizwa ngamaZama Zama eGoli.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
