IGolden Arrows isiyithofi le TS Galaxy

TS Galaxy iqhubeke lapho igcine khona ngokuzinenebulela i-Golden Arrows emdlalweni we Nedbank Cup last 16 eMpumalanga Stadium. IGolden Arrows iphenduke ithofi le TS Galaxy njengoba beseyehlulwa idlandla lesithathu .

Abafana besithende bayaqhubeka ukuhluleka ukuwina imidlalo ngaphansi kwe Dstv Premiership. Lokho sekudale ukuthi amehlo abantu nabathandi bebhola baqale bashaye amakhala nge Golden Arrows.

Leliqembu liqale kahle imidlalo yokuvula Dstv Premiership lisaholwa ngu Vusimuzi Kanu Vilakazi noMabhuti Khenyeza ngokuhlanganyela noma esehambile uVilakazi waqhubeka wayibamba kahle uKhenyeza njengoba ugcine eba ngumqeqeshi ovelele ku PSL ngenyanga ka September.

UMabhuti Khenyeza ushaye iqembu le Kaizer Chiefs enkundleni yase Mpumalanga Stadium kwangakholwa muntu nalapho amathemba aphinde aqala enyuka kakhulu ngo Mabhuti Khenyeza ukuthi ungumqeqeshi osemncane ophokophele empumelwelweni.

Kodwa iCape Town City iqale yabhidliza abhilinji njengoba yanqoba imidlalo embili ku Golden Arrows. Kusukela lapho kuqale kwabamnyama ngemiphumela ku Golden Arrows njengoba isiphenduke ithofi ku Dstv Premiership.

Kodwa umqeqeshi we Golden Arrows Mabhuti Khenyeza ukholwa ukuthi bazozijika izinto noma kunzima kumanje ngoba basaphikwa inhlanhla yokuwina njengoba ibhola liyayidinga inhlanhla. Nabaphathi be Golden Arrows bakhathazekile ngokungawini kweqembu kusho Mabhuti Khenyeza.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.