
Isigameko senzeke ngezithuba zabo-09:00 ekuseni, ngoMsombuluko, 19 February, isihlabani somculo wokholo uSiphho “Big Fish” Makhabane, edunwa imoto ku-Booysen Street, eGoli.
“Bengihamba ngeveni lami ngesikhathi kudlula imoto emhlophe yakhanyisa ilambu eliluhlaza phambi kwami. Ibukeke njengemoto yamaphoyisa kanti phakathi kwayo bekunabantu abathathu abebegqoke izingubo ezingajwayelekile. Bangimisa ngabahlonipha. Ngehla emotweni ngasondela kubo. Ngithe ngisamatasa ngikhuluma nabo kwaqhamuka imoto yesibili enamadoda amabili phakathi, yavala iveni lami. Baphuma emotweni yabo bangifaka emotweni yokuqala,” kuchaza uMakhabane.
Ngaleso sikhathi waqaphela ukuthi udunwa imoto. “Ngizamile ukulwa nabo kodwa bebebaningi kakhulu. Bafuna izikhiye zemoto yami kanye nomakhalekhukhwini engabanikeza wona ngokushesha. Base behamba nami. Bangishaya omunye ubengikhahlela emehlweni,” usho kanje.
Isikhwama sakhe semali, amakhadi asebhange, amapasi kanye nekhadi likamazisi webiwe “Omunye wabo wangikhomba ngesibhamu wafuna amaphinikhodi awo wonke amakhadi asebhange. Ngemva kwalokhu bandisa imingcele yami yansuku zonke. Ngangizwa ifoni yami ithola izaziso eziningi futhi angikwazanga ukwenza lutho. Angazi kahle ukuthi bayishonisephi imoto yami kodwa ngiyazi ukuthi bayisusile i-tracker. Ngenxa yalokhu imoto yami ayitholakali,” ekhumbula.
Emva kwamahora amathathu bamlahla ehlathini eNatalspruit. “Kudingeke ngithole indlela eya emgwaqeni omkhulu. Ngenhlanhla umSamariya olungileyo wangibona futhi wangicosha. Wangiyisa emabhange lapho ngakwazi khona ukumisa amakhadi. Ngalesi sikhathi bebevele sebewakhiphe wonke ama-akhawunti ami asebhange,” kusho uMakhabane.
“Ngisahlukumezekile futhi ngisathola usizo lwezempilo. Ngiphinde ngixwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqaphele emgwaqweni ngoba ubugebengu buphezulu nje. Lezi zigilamkhuba zizenza amaphoyisa. Ngemuva kwalesi sigameko angicabangi ukuthi ngizokwazi ukumisa imoto yamaphoyisa,” usho kanje.
Uthe uvule icala lokuduna imoto esiteshini samaphoyisa eBooysen.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
