
Umbuso ka Ramaphosa ubhekew yisambane njengoba uthe eqala ukuphatha kwaqubuka Covid 19, wahluleka yena ukuyivimba njengoba athumela indiza enophephela emhlane ukuthi iyolanda abantu besheya abahaqwe yisifo se Covid 19.
Lesifo sibulale abantu abaningi emhlabeni nase Ningizimu Africa abadala ngeminyaka. kubantu abasondelene no Ramaphosa abadlulayo singabala Jackson Mthembu owayephethe ihhovisi lika Ramaphosa.
Uhluleke ukuqhamuka namasu okudala amathuba nokunqanda ukusabalala kwabantu abasha abangasebenzi, ukuhlulwa ukunqanda ubugebengu obuxakile bezinkabi, ukunqanda ukusweleka kwezempilo ezisezingeni eliphezulu lokweswela nemithi yokulapha abantu, ukudala amathuba emsebenzini, ukuhlinzeka abantu base Ningizimu Africa ngezidingo, ukunqanda inkinga kagesi, ukunqanda inkinga yezindiza, inkinga yakwa Prassa,
U Ramaphosa unake impilo yakhe namabhizinisi akhe kuphela, ukushabalala kwezwe kuyena akanandaba nezakhamuzi zase Ningizimu Africa, kumanje ulandelwa yiphunga lenkohlakalo yemali eyabe igqitshiwe epulazini lakhe ePhalafala.
Abantu base Ningizimu Africa abamethembi kodwa sekusele labo abancenge umsebenzi ngaphansi kobuholi bakhe. USomadoda Fikeni ongumhlaziyi ozimele uphinde waveza ukuthi kuzomele abantu base Ningizimu Africa bahlale phansi babuke indlela asebenzengayo uhulumeni ka Ramaphosa no ANC kumanje baphinde babuyele emuva bayolanda leminyaka engaka engu 30 ANC ephethe.
Umonakalo mkhulu kakhulu owenziwe yiqembu elibusayo ANC ngoba liyakweleta ebhange lomhlaba, lihlulekile ukuvikela abantu base Ningizimu Africa. Izithembiso ezingekho zibaqhathe nabantu ngoba bona bayamosha bafune kubantu ivoti lokubusa, kuzomele baqaphele ngempela abantu base Ningizimu Africa ukuthi bangaliphonsi ivoti lapho labazokhala khona.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
