
Abalandeli be ANC abahambele eThekwini ngenhloso yokuya ku Manifesto ye ANC eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto edlule bahlangabeza nembibizane kathuvi egcwele edolobheni laseThekwini.
Iningi labalandeli ekade befike eThekwini kumanifesto yeqembu le-ANC, kuthe ngenxa yokushisa bagcine beqala ngokuthi bayoshaya amanzi kodwa ababuzanga elangeni ngoba bafica amanzi enuka phuhlu indle labalandeli kade beqhamuka eGauteng, Mpumalanga, North West, Western Cape, bagcine ngokuthi bahambe beyocwila olwandle olunothuvu lase eThekwini.
Bagcwalise iMoses Mabhida Stadium benuka uthuvi wasolwandle, kuzokhumbuleka ukuthi emavikini amathathu lomkhandlu weTheku uke wadalula lenkinga yawo yokuthi amabhishi alelidolobha achithekelwe yindle. Sekujwayelekile ukuthi umkhandlu weTheku uqhamuke nezinto ezimbi zokuhlulwa ukulungisa izigqalazizinda zalomkhandlu omkhulu KwaZulu-Natal.
Kumanje lelidolobha lingcole liyathuxuka linuka indle lonke idolobha, Kumanje abantu abahlala khona bahamba phezulu kwendle egcwele nomcamo oqhandula ikhanda. Kumanje umkhandlu weTheku uholwa yiqembu le ANC ngobambisana ne EFF.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
