
UThami Ntuli oyimeya yase King Cetshwayo unamathuba amaningi okuba ngundunankulu waKwaZulu Natal ngemuva kokhetho likazwelonke lomhlaka 29 May. UNtuli unabalandeli abaningi KwaZulu-Natal njengoba kumanje umkhankaso wakhe wokhetho uhamba kahle.
UNtuli uqale ukugqama eqenjini le IFP njengomeya wase Nkandla lapho efukule khona umasipala wase eNkandla. Lomasipala kade udonsa kanzima kakhulu ngaphansi kweqembu le ANC. UNtuli uphinde waqokelwa esikhundleni sokuhola iSalga KwaZulu-Natal ngemuva kokhetho lohulumeni base makhaya.
Abantu abaningi abasha nabadala bambona njengomuntu oyithemba lokuletha uguquko KwaZulu-Natal. Umlando weqembu le IFP KwaZulu-Natal muhle kakhulu futhi kulindeleke ukuthi ahambe ezinyathelweni zika Mntwana Inkosi Mangosuthu Buthelezi ongumsunguli weqembu le IFP.
Nakuba uNtuli ehambele kakhulu kumasipala wase Nkandla nase King Cetshwayo, khona lapho ekhombisa khona kuba buthaka ekuhambeni isifundazwe saKwaZulu Natal ne Ningizimu Africa enxenxa abantu bamvotele.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
