
USiboniso Duma ungusihlalo weqembu le ANC KwaZulu-Natal kulindeleke ukuthi abe ngundunankulu kepha abantu bambona njengomuntu ohamba nezwaca, ukuzithwala kanye nephunga lenkohlakalo yoMnyango Wezemvelo. Lapho kusolakala ukuthi udle imali eningi kuloMnyango nokuba nambanambana emalungwini eqembu le ANC.
Kuzokhumbuleka ukuthi kugqame ukungahoshelani kwakhe no Nomusa Dube Ncube ongundunankulu waKwaZulu Natal, nokwenza ukuthi i-ANC iye kulolukhetho ingahlangene. Abantu abaningi abasha KwaZulu-Natal abasayithembi nhlobo njengoba sebelimbulile ibheshu bayibona ukuthi ngeke nakancane ibasize ngalutho njengoba kumanje abafundi base ma University bayihlaba ngokudla imali yokufunda NSFAS.
Ukuhluleka ukwakha amathuba omsebenzi nokuqeda indlala kubantu lokhu kuyidalele isigcwagcwa ANC.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
