
Insizwa yaseMsinga, ithi konke eyikho empilweni ibonga isalukazi sayo, okuyisona esiwe sivuka naye kwaze kwabaukuthi uthola iziqu ezimbili zemfundo ephakeme. UGamalakhe Dlamini ungumshayeli wetekisi lamabanga amade namafishane.
UGamalakhe Dlamini udabuka eMabomvini esigodini sase Nqoleni nalapho aqale khona imfundo yakhe yamabanga aphansi eMbomvu Combined School, wadlulela eSomahashi High School waphothula ibanga leshumi eMbomvu High School.
“Konke negiyikho mina mfethu kungenxa kagogo wami engimthandayo futhi nengimbona ngingakhathali” kuso uDlamini.
Uqale impilo yase ezweni engasenaye uBaba wakhe njengoba edlule emhlabeni besebancane nomfowabo omncane uSizwe njengoba kunguyena omdala kubantwana baka Masiqaba Dlamini nokwamphoqa ukuba kumele ahambe ayofuna umsebenzi eGoli.
Wafika lapho wabe eseqala ukushaya isicabha ematekisini njengoba eyiqale efunda ibanga lesithupha bese kuthi njalo ngezimpelasonto ubeshayela itekisi lakwa Shange. Ngokubona ukuthi uzimisele ngempilo eyaphambili umnikazi wetekisi uLeon Bhunu Shange ube esemthathela izincwadi zokushayela code 10.
UGamalakhe uqale ukondla umndeni wakubo esengumfundi wase Mbomvu Combined School.
Ubonga uKhulu wakhe ozala uBaba uKhosi maNdlovu ngokubakhulisa ngemali yempesheni beno Sizwe, waphinda wabonga umama wabo uSukelaphi Mncube obebamba amatoho eMgungundlovu. Lensizwa esencane ngeminyaka yobudala kodwa enesibindi sokwenda umsebenzi omuhle.
Kukhona ukukhanya phambi kobuso bakhe kumanje kudingeka wenamqashi noma iziphathimandla zezemfundo ukuthi zimsondeze kuzona. Ngoba yena indlela uyihlakulile wakhipha wonke amangwevu akhe ngaphandle kokuthola uthando luka Baba obashiye bebancane kakhulu kodwa ubudoda abukhulelwa ngempela.
Umholi uyazalwa ngempela kodwa akabekwa, uhambo luka Gamalakhe alubanga lula nhlobo kodwa lunezikhisi nemimango yemiqhansa nongabibikho kaBaba empilweni yakhe akumvimbanga ukuthi afeze iphupho lakhe.
Imfundo ayishabalalanga ku Gamalakhe njengoba uqale imfundo yakhe ekhona embonini yamatekisi eneminyaka engu 23, yena uqede umatikula etsheni wakhe eneminyaka engu 17.
Waqala wenza Bachelor of Arts Degree, waphinda wenza Bachelor of Education ufunde wagogoda e- University of Free State eQwaqwa Campus. Mangabe udinga uthisha nomholi oqotho nangu Gamalakhe Dlamini osebenze ngokuzikhandla ngempumelelo kusele kuwe thishanhloko nawemhloli.
UGamalakhe unxusa abantu abasha ukuthi bafunde ngoba ithuba lingaqhamuka nomangabe yinini, kodwa babambe umsebenzi nomangabe yimuphi abathanda ukuweza. Abangahlali bagoqe izandla mangabe udinga ukunika uGamalakhe usizo ungamthola kulenombolo yocingo 079 46203 46 ungamshayela ucingo ngezikhathi zomsebenzi noma ushiye umnyalezo ku WhatsApp.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
