IKaizer Chiefs isidinga imbizo

Ukaizer Motaung kuzomele abize indaba nabaqeqeshi nabadlali nezinkakha ze Kaizer Chiefs kanye nabalandeli abambalwa, ngokusho kwenkakha ye Kaizer Chiefs Ntokozo Koloba Sikhakhane. Kulendaba kuzobhungwa ngezinkinga ezihaqe leliqembu lodumo lamakhosi okuthula noxolo, abafana baka Shintsha Guluva.

Kuxakile kakhulu ukuhaqwa yizinkinga ku Kaizer Chiefs kuleminyaka nokubaphoqa ukuthi kumele babheke udaba olunzulu lokuhlulwa ngamaqembu amancane. Lamaqembu angena ngomkhokha omubi ongavaliwe, kuzomele babheke iziphathimandla zeqembu ngamaphishini njengoba isikhundla sika Bobby Motaung kumele sicabangelwe kanzima.

Ngibona ukuthi ngathi nenyanga abasayisebenzisi nhlobo njengakuqala, leliqembu liphenduke inhlekisa emaqenjini adlala ku ABC Motsepe League ne Motsepe Foundation League. Amaqembu anqobe iKaizer Chiefs singabala iBaroka FC eyanqoba iKaizer Chiefs isagijima ku ABC Motsepe League eLimpompo, Richard Bay FC, TS Galaxy eyayishaya yakha ngayo igama ebholeni lase Ningizimu Africa. I-TS Galaxy yanqoba iKaizer Chiefs kowamanqamu Nedbank Cup ne Milford FC emdlalweni we last 32.

Leliqembu liswele manje nemakerte yokudayisa abadlali ngoba abadlali abanahlonzo. UHugo Brooks watshela izwe wathi iqembu le Kaizer Chiefs alinabo abadlali abanohlonzo abangamela iqembu lesizwe iBafana Bafana. Lamazwi awehlanga kahle kubalandeli be Kaizer Chiefs ngoba bakholelwa ukuthi kumele abadlali abafana no Ashley Du preez, Pule Mondi, kumele ngabe bahamba ne Bafana Bafana.

Abaphathi be Kaizer Chiefs baswele umgodi wokucasha ngemuva komdlalo ne Milford FC emdlalweni we Nedbank Cup last 32. Abalandeli bamakhosi abasayazi injabulo kuleminyaka eyishumi njengoba kukhala ibhungezi nesihlonono. Selishintshe abaqeqeshi nabadlali abaningi kodwa lutho ukuhlangana kwezinto.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.