
UChris Papas oyimeya yase Mgeni maphakathi nesifundazwe saKwaZulu Natal. UPapas uhlonzwa ngabantu abawuquqaba ngokuthi kuhle kube nguyena uNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu-Natal, ngenxa yemsebenzi emihle ayenzile kulomasipala wase Mgeni. Abantu base Ningizimu Africa naKwaZulu-Natal abawuvali umlomo ngalomfana womlungu ngokushintsha izimpilo zabantu.
Wenza lento efunwa ngabantu base Ningizimu Africa yokuhlinzekwa ngentuthuko nemsebenzi. Umgeni ngumasipala omncane kodwa ugqamise uPapas ngesikhathi esincane. Kodwa khona abantu abamnyama abangakakholelwa kubantu abamhlophe ngoba benovalo lokuthi bazobabuyisela obandlululweni.
Kodwa ubandlululo emhlabeni selaqedwa yinhlangano yamazwe omhlaba. Abanye abantu bakholwa ukuthi iqembu le DA lingayiqeda inkohlakalo nobubha, nezifo, indlala, inkinga yemsebenzi kanye nobugebengu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
