
Idolobhana elingaphansi komasipala weTheku, i-PineTown belaziwa njengendawo enamafemu amaningi futhi eyisingqalasizinda ekuletheni amathuba emsebenzi. Lelidolobha belihlanzekile kahle ngesikhathi lisaphethwe ngabamhlophe80’s kuya kuma-90’s njengoba belinakekelwa kakhulu. Konke kushintshe ngesikhathi kungena uhulumeni wentando yeningi njengoba lelidolobhana seliphenduke isitebele sezongulube belinakekelwa kakhulu.
Kodwa namuhla ukungcola, ubugebengu kulihlasele lelidolobha ngoba abantu banqamula khona bahamba phezulu kwendle egcwele lelidolobha. Lendle igcwaliswa kakhulu yimihamba ima egcwele kulelidolobha, kube kukhona nabantu ababamba inkuzi bukhoma edolobheni.
Abantu bokufika base Mozambique banezindawo zokukhandela izimonto esigangeni edolobheni kulelidolobhana, kanti bagcwalisa phansi udizela nenkunkuma bashiye kanjalo. Ulayini wesitimela usagqitshwa ngamaphepha nezinsimbi ezilahlwa khona.
Kunuka umcamo edolobheni nendle yamaphara kuqhume ikhala njengoba ngathi umgede wezimbila. Lokhu kuqubula imibuzo ukuthi ngabe abantu base Ningizimu Africa bebevotela ukubhidlizelwa kwamadolobha abo nokuqedwa kwemisebenzi yabo?
Kumanje abantu abasha abaningi eNingizimu Africa abasebenzi ngoba awukho umsebenzi ngisho amatoho awekho. Lelidolobha belidume kubantu abamnyama ngephayindane, kunamuhla kugcwele imkhukhu eduze namafemu. Indawo yasePinetown ilahlekelwa kakhulu ngumsebenzi omningi ngesikhathi kuhamba abamhlophe. Abantu baqala balahlekelwa ngumsebenzi ubuthaphu thaphu, bayohlala emakhaya ngoba umsebenzi bengasenawo.
Abantu bahlale besenkingeni yokubanjwa kwenkuzi njalo kanti abadayisi basemgwaqeni bahlale bekhuthuzwa yizigilamkhuba kodwa uhulumeni wase Ningizimu Africa uthule awusho lutho. Abantu baqalile ukububula manje kuNkulunkulu ngokuthi bayabulawa bengenacala bayadlwengulwa, banendlala nobubha nezifo ezingalapheki nokugcwala kwenze abantu bangaphandle abangena nobugebengu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
