
Umengameli wezwe uMatamela Cryl Ramaphosa umemezele usuku lokuvota lokhetho lomhlaka 29 May kepha izakhamuzi zase eMsinga lokhu kuzona akudikizi nqulu ngelesimemezelo, ngoba zikhala ngokuthi kuncono ukuqoma itshe kunokuqoma ukuthemba izinhlangano zepolitiki.
Lezakhamuzi zaphuma ngobuningi zayovota ngo 1994 nangeleminye iminyaka yokukhethwa kuka mengameli nokwaba kunethemba elikhulu noshintsho kodwa lokho akukho.
Umsinga wakhiwe yizizwe zamakhosi ayisithupha, khona isizwe zaMabomvu ka Somahashi, aMachunwu ka Macingwane, isizwe saBathembu baka Ngoza, ubukhosi baka Zondi eNgome, ubukhosi baka Mabaso, ubukhosi baka Majozi.
Intuthuko kulezizwe zase Msinga iba iconsi lentuthuko, abantu base Msinga bakhathele manje bawudaka ukuvotela amagama nezeleze nenkohlakalo nongazuzingalutho ngevoti lawo. Lezakhamuzi zisaphuza amanzi nezilwane zasendle nezinkomo, izimbongolo, izimbuzi, ukuthenga amanzi, ukuhamba emgwaqeni wobhuqu ongalungiswa nhlobo, ukushoda kwezibhedlela nemtholaphilo .
Ukuhamba amabanga amade mangabe beyemtholampilo nakhona bahlala amahora angaphezulu kwayishumi nambili belindele usizo. Khona manjalo kulemitholampilo kuyashoda abasebenzi kunjalo labasebenzi basebenza ngokukhulu ukuzinikela kumele nakanjani bachonywe uphaphe le Legwala gwala ngoba lemitholampilo ayinayo izimonto ezanele zokuphuthumisa iziguli ezidinga usizo oluphuthumayo kumele.
Kumele abaphathi bemtholampilo baqale beshayele ucingo e Greytown Hospital, Ntunjambili Hospital, Church of Scotland ukuthi bacele usizo lokuthunyelelwa amambulansi ezohamba ibanga elide, afike umuntu eseshonile nomangabe bezosinda, abantu abaningi base eMsinga babulawa ungalutholi usizo.
Ukushoda kwe Network yamaselula phone kudala ukungaxhumaneki kahle kwezakhamuzi zase Msinga. Abantu abantu abaningi base eMsinga basebeza emadolobheni amakhulu kuleli afana eGoli, eThekwini, eMgungundlovu, eMpumalanga, Cape Town, East London, nase Europe, Asia, kumanje abantu base eMsinga baqale ukuzithuthukisa ngaphandle kahulumeni njengoba bezakhela amathuba omsebenzi.
Baphinde bazakhele izakhiwo zemizi emihle ongafunga ukuthi kuseMhlanga kanzi kuzophuma ibhinca baqale isikhwama sokufukula umnotho wase Msinga ngokuzibholela amanzi nokulima. Baphinde bagxile ebhizinisini lamatekisi nebhizinisi lonogada njengoba uzobathola kuwonke amadolobha.
Khona abaningi abazisebenzayo imisebenzi emncane emakhaya efana namashop, kunomama abaqala umsebenzi wokulima umtate,. Izihlakaniphi zamaqembu zidukisa abantu base eMsinga ngokuthi mabavotele amaqembu ezepolitiki kodwa bona namaqembu abo abalethi lutho oluyinzuzo kuzindawo zamakhosi.
Abantu base eMsinga bayizwa ngendaba inkululeko ngemavoti abo. bayacwaswa lapho behamba khona, kuthiwa banezibhamu ezingakhi abesilisa. Bathathwa kabi ngokuthi ngabantu bezimpi, kodwa abantu base eMsinga banobuntu abasukeli muntu.
Khona abahamba phambili ekudumiseni uMsinga kabi ngoba befuna ukulala bedlile kodwa nawe mangabe ufuna ukulala bokhuluma ngoMsinga uzokuthola ukudla, ngaphambilini othisha baseMsinga bakhiqize abafundi abaningi abaphuma emalokishini amakhulu kuleli lase Ningizimu Africa namaphethelo.
Njengoba kukhona abafundi abebeqhamuka eGauteng elokishini lase Soweto, eThekwini, eMlazi, Kwamashu, eMgungundlovu eMbali, Newcastle, osizweni, Madadeni. Labafundi bebelethwa eMsinga udlame olwabe ludlangile emadolobheni amakhulu. abazali bathuthela izingane zabo eMsinga ngoba lalungekho udlame. uMduduzi Mandoza Tshabalala ngomunye wabafundi abafunda eMsinga eSomahashi High School esigodini sakwa Dolo, uBonginkosi Zola Dlamini ngomunye oyinzalo yase eMsinga.
Izifundiswa eMsinga zingangamanzi okuphala izikhumba njengoba zithe chithi saka umhlaba wonke njengoba kukhona abameli abaduma umhlaba wonke uMvuseni Ngubane nomfowabo Stanley Ngubane base Nzala nojaji omkhulu osathatha umhlalaphansi Isaac Madondo.
Kunosomabhazini abahamba phambili emhlabeni abafana no Bahle Zondo, Mandlakhe Mtshali, Welcome Mpanza, Simanga Mabaso, Macekefula Ngubane ongumsunguli woMhlanga taxi Association, Thabane Ngubane, Celo Ngubane, Nomvula Maphama Ngubane, Bongiwe Ngubane kunabanye abaningi kakhulu.
Umsinga wakhiqiza abantu abaphambili kwezimidlalo abafana no Richard Richman Ngubane AmaZulu FC , Lawrence Big Ben Ngubane Orlando Pirates, AmaZulu FC, Manning Rangers, base eNzala, Sazi Ngubane AmaZulu FC , Ke Mbatha owayengumdlali we Orlando Pirates. baseNqoleni, Thulasizwe Zakwe owayengumdlali waMaZulu FC, Wilfred Mchazeleni Mbanjwa we Moroka Swallows FC.
UWelcome Mpanza ongusihlalo woMsinga United, Bandile Mzambiya Ndlovu ogijimela Richard Bay FC edlala ku Dstv Premiership League, kunabasubathi abahamba phambili Ayanda Mafikaphathe Ngcobo ogijimela Xcel Running Club wakwa Majozi, Fanakhe Ngubane wase Mabomvini eNzala.
Kunabaholi bomphakathi abafana no Dr FJ Sikhakhane oyiMeya yase eMsinga, uMfundisi Sithole owabe yimenenja kamasipala wase eMsinga, uVumo Mkabayi Ngubane, Masimula, Star Sokhela,
Kubaculi abahamba phambili kumanje eMsinga baholwa ngu Scebi Dlamini – Inkosi yamagcokama yase Machunwini, ithole lendidane Gcwensa yakwa Majozi eMngeni, Masinga wase Mabomvini, Sonakali Zondi wase Mabomvini, Njencane Ngubane, Khathalani noMo Ngubane base Mabomvini,
Abadala baholwa ngu Kati elimnyama, Nogabusela, Ngxalothi, Mxosheni Mkhize, umholi waMageza Amahle Mtshengiseni iNdidane Gcwensa,Shwi no Mtekhala, Amashayina Amahle, Cela Mtshali, Mlethwa Majola, Phansi Phezulu, Buhle Nhlangulela, khona nabalingisi abaningi abadlala emdlalweni ye television, nabasakazi nezintatheli. nothisha, amaphoyisa,
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
