Abantu base Mhlathuze bahlezi nodoti ongalandiwe emakhaya

Kuqhuma iphunga lombola mangabe uhamba emgwaqeni emalokishini angaphansi kamasipala wase Mhlathuze. Ngokuthola kabanzi ngomthombo ongaphakathi kulomkhandlu, uveza ukuthi udoti awuthathwa ngoba kuphele udizeli kumaloli kamasipala aqoqa lodoti. Abantu bakhala ngokuthi kugcwele manje iphunga elixakile emiphakathi nokudala ukuthi indawo ibiyingozi ezimpelweni zomphakathi.

“Yabona mfethu lento esiyiphiliswa lapha iyaxaka. Abaphathi bakamasipala bahamba beyozikhangisa emsakazweni nasemaphepheni bethi kuhamba kahle konke. Kumanje sisabela izimpilo zethu nabantwa abazongenwa ukugula” kusho ilunga lomphakathi elizibize ngoMasondo

“Kudlalwa ipolitiki nje eshibhile lana kodwa thina sinukelwa ngudoti lapho sihlala, ishonephi imali kumasipala yokuthenga udizili? kudlalwa ngthi lana” kusho Bantubonke Zungu oyilunga lomphakathi.

Kujwayelekile ukuthi amadilobha aphethwe ngabantu abamnyama kubakhona ukungcola nonganakekelwa kwedolobha kanye nezindawo zasemalokishini, kodwa umonakalo omkhulu oduleka ezindaweni ezisemakhaya.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.