
Imeya yeNquthu Local Municipality uShabalala isaqhubeka nombhidlango wokuthuthukisa umphakathi ngezinto owazicela kuma IDPs. Umeya uMshengu uvule imigwaqo emibili kuward 14 ePhilani nomgwaqo oku Ward 10 iNkangala Road.
“Ukungabi nemigwaqo ephilayo kwenza isimo somnotho singabi sihle endaweni ngoba kakuhambeki. Nokuxhumana kwabantu abasuka ezindaweni ezahlukene nakho kuyaphazamiseka. Le migwaqo yayicelwe ngumphakathi kuma IDP road shows ngakho senza lokhu esithunywe khona ngumphakathi, wasethemba phela manje sisebenzela wona. Sisazoyakha neminye eminingi imigwaqo.” Kusho uMeya, ongagcina nje lapho kepha uMeya ongaphansi kweqembu i-IFP, uphinde wapha abantu abawu 20 ukhisimuzi wama vouchers okudla kuka R1000 umuntu ngamunye ukuze beyocosha cosha okudliwayo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
