Isimanga i-Black Friday ishaya ngonyawo lonwabu

Isibalo sabantu abahambele Black Friday sehle kakhulu njengoba abantu ababonwa nangokhalo ezitolo ezinkulu zakuleli ezifana no Pick in Pay, Boxer Store, Spar, Checkers, Makro, Game Store, lokho kusho ukuthi abantu abaningi abanayo imali yokuthenga njengoba nokhisimuzi ususondele, iningi labantu abasebenzi kuleli njengoba bephila ngemali yeqolo nemali ka R350, kumuncu kubanikazi bezitolo njengoba bathi kushaya ngonyawo lonwabu, akukho ukubona ukuthi yi Black Friday, abashayeli bamatekisi asuka eMhlanga Rank bakhala ngokugqoza kwabantu abozothenga eGateway.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.