Uthi uyasiqonda lesikhalo sika Hugo Brooks

Ukhabonikha Zondo owayengumqeqeshi we Mamelodi Sundowns FC uyasiqonda lesikhalo sika Hugo Brooks ongumqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana, songalandelwa kweqembu lesizwe lakuleli ngabalandeli bebhola, mina ngithi inkinga lena enkulu nezothatha iminyaka emningi kakhulu, inkinga nansi lapha iqala khona abadlali be Mamelodi Sundowns FC baningi eqenjini lesizwe iBafana Bafana, abalandeli be Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates abayifuni iMamelodi Sundowns FC ngeke nhlobo ubabone beyokwesekela iqembu elinabadlali be Sundowns FC, bancamela ukungalibuki noma balibuke kuma TV, ngiyaqonda ukuthi abadlali be Mamelodi Sundowns FC iqembu labo yilona elikhonyayo lapha ku Dstv Premiership naku CAf, manje kubafanele ukuthi umqeqeshi Hugo Brooks ababize abadlali abaningi be Mamelodi Sundowns FC ngoba badlala kahle, mhlazane ufuna ukubona abalandeli bezosekela iBafana Bafana kuyokwenzeka mhlazane wabona abadlali balamaqembu amabili amakhulu Orlando Pirates ne Kaizer Chiefs, ngoba bona mangabe bedlala bodwa bayayigcwalisa iFNB Stadium, manje abadlali be Mamelodi Sundowns FC bajwayele ukubukwa yizitulo banqobe kunjalo, kuphetha Zondo


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.