Umsinga United uzodlala ngaphandle kwabadlali abaningi

USihlalo weqembu loMsinga United Welcome Mpanza ubona ubungozi eqenjini le Chess abazodlala nawo kulempelasonto. Iqembu elilwela ukusuka elivika izembe liyingozi ngoba lifaka wonke amandla, khona manjalo umdlalo wethu sizowudlala ngaphandle kwabadlali abaningi abalimele nabadonsa izigwebo zamakhadi, leliqembu lamabhubesi lizodlalela ekhaya phambi kwabalandeli balo, abalandeli bamabhubesi baphuma ngobuningi ukuzoliseka njengoba libukwa ngabalandeli abangaphezulu kwe Bafana Bafana, yona ebukwa yizihlalo njengoba inabadlali beMamelodi Sundowns FC abaningi abajwayele ukubukwa izihlalo, lomdlalo uzocacisa ukuthi ngubani ozoqeda e phezulu ku Group B we ABC Motsepe League KwaZulu-Natal njengoba Amabhusi abambene ngamaphuzu noMkhambathi FC . umqeqeshi woMsinga United Mpumelelo Mpanza usanda kukhala ngendlala yamagoli abangawashayi kahle.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.