
Ngu: Thobeka Mchunu
Ugile izimanga uMasipala waseMsinga maphakathi nesifundazwe saKwaZulu-Natal ngesikhathi ukhala wemuka nezindondo ezine emcimbini obuse-ICC eThekwini ngoLwesine ebusuku lapho bekuklonyeliswa khona omasipala abenze kahle esifundazweni.
Lo mkhandlu wasemakhaya uqoqe izindondo kwiminxa ebululekile nokuwenze wadonsa amehlo amaningi emcimbini.
Lo mkhandlu uhlabane kule minxa elandelayo:
1. Best sustainable project : EPWP.
2. Best and sustained sound Financial management.
3. Best implemented SDBIP 2024/ 2025
4. 100% MIG Expenditure for 3 Consecutive Years 2022- 2025

IMeya kaMasipala uMhlonishwa uFelinkosi Sikhakhane utuse abasebenzi ngempumelelo yomkhandlu. “Ukuzikhandla nokusebenza kanzima kwabasebenzi kanye nokubambisana ikona okulethe impumelelo,” usho kanje.
Uthe le mpumelelo yabo izobagqugquzela ukuba baqhubeke nokusebenza ngokuzimisela ukuze umgqigqo wabo ungeke wehle. Nabamahlelo ehlukene eMsinga nabo bawuhalaliselile umkhandlu ngokwenza kahle.
