
U-Bradley Carnell, owayengumdlali we-Bafana ne-Kaizer Chiefs FC, uyamsekela u-Olwethu Makhanya, esho ukuthi ufanele ukudlala ku-Bafana Bafana.
U-Carnell, ophinde abe umqeqeshi we-Philadelphia Union yase-USA, uthe u-Makhanya ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu futhi uyamazi kahle njengoba engumqeqeshi wakhe.
“Ngithokozile ukuthi umqeqeshi we Bafana Bafana uHugo Broos egcine emqokile uMakhanya eqenjini lesizwe,” kusho u-Carnell.
“UMakhanya ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu, ngimazi kangcono njengoba ngiwumqeqeshi wakhe. Kumfanele ukudlala kuBafana Bafana ngoba ungumdlali ongafuni ukuhlulwa ngomunye umdlali nokhaliphile noliqondayo ibhola elidlalwayo kamanje.”
Ngaphambilini uCarnell wayekhale ngo Hugo Broos ukuthi uyibukela phansi i-MLS League ngoba ethi idlalelwa ngamakhehla afana noLionel Messi ongukaputeni wase Argentina.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
