Ingwazi iphonsela inselelo uNkotha okhuhla ibhentshi

UBennett Mnguni, oyingwazi ye-Bafana Bafana kanye ne-Mamelodi Sundowns uphonsele inselelo uMohau Nkota ngokuthi kumele alwe ukuze athole indawo yokudlala eqenjini lakhe lase-Saudi Arabia, i-Al Ettifaq.

U-Mnguni uthi uNkota kuzomele azilwele yena uqobo ukuthola isikimu, ngoba lomqeqeshi wamthenga ngoba efuna ukuthi azomsiza ekusizeni iqembu ukuthi liphumelele.

“Kuzomele adlale ngokuphindiwe kunabadlali bakhona, bona bafunda kuyena okuningi akwenzayo,” kusho u-Mnguni, owadlala e-Russia Premier League amasizini amaningi.

U-Mnguni uthi uNkota kuzomele aqini ngempela angalokothi azitotose, ngoba ungumdlali wokuhamba lapha e-Saudi Arabia.

Kuzokhumbuleka ukuthi iBunda News likhiphe umbiko ngo-Nkota lithi ukhuhla ibhentshi eqenjini lakhe ngenxa yokwehlelwa yizinga lokudlala kamuva.

UNkota ubiziwe ngumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos eqenjini labadlali abangu 27 abazodlala umdlalo wobungani neqembu lesizwe lase Panama eThekwini naseCape Town.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.