
U-Sead Ramovic, umqeqeshi we-CR Belouizdad yase-Algeria, ungene ezintangeni mangabe ebuzwa ngokumataniswa neKaizer Chiefs.
Uvele waphawula wathi ngiyabahlonipha abaphathi beqembu lami nabasizi bami ngakho ngeke ngikhulume ngesifiso sami ngeChiefs.
“Ngiyabahlonipha abaphathi beqembu lami nabasizi bami, ngakho ngeke ngikhulume ngesifiso sami ngeKaizer Chiefs,” kusho u-Ramovic.
“Iqiniso bonke abaqeqeshi bayathanda ukuqeqesha iKaizer Chiefs ngoba iliqembu elikhulu elinabalandeli abaningi e-Africa.”
U-Ramovic ngaphambilini wayemantaniswa neqembu leKaizer Chiefs ngokuqala kwesizini yeBetway Premiership League, kodwa wagcina evumbuka kuCR Belouizdad yase Algeria enhla ne-Africa.
Kuzokhumbuleka ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs baphumele obala bathi abasabafuni abaqeqeshi ababambile njenga manje uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze abaphikwa yimphumela kamuva kuleli qembu lamakhosi okuthula noxolo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
