
Umasipala Umzinyathi District Municipality ukwaze ukonga uR9 million ngenjini yamanzi. Le njini ungayilinganisa nesiqukathi (container) yenza umsebenzi omuhle kakhulu nxashana kuhambe ugesi kakumi ukuhlanzwa nokufuqwa kwamanzi ukuba aye emphakathini. Le njini isebenza kwisihlanzi manzi i-Vans Drift Water Treatment Plant eNquthu. Ukube ibirentelwa ibizokhokha R750k ngenyanga okwenza R9million ngonyaka. Ithengwe ngo R4 million kwase kwengezwa uR2million wokuthi ifakwe iphinde ilungiswe ngabenkampani yayo mayifile.
Lo masipala Umzinyathi ungaphansi kuka section 139 womthetho sisekelo kawunamandla uphethwe ngesandla somlawuli ovela kuhulumeni waseKZN. Uma umasipala unjalo, unikwa u administrator (umlawuli) makunalowo muntu kusuke kuchaza ukuthi kakukho project yenzeka noma yakhokhelwa engavumile yena. Nale njini ihleli ngesibusiso sesandla somlawuli. Umphakathi waseMzinyathi ubuzoba kwenkulu inkinga yokushoda ngamanzi njengoba I loadshedding ibhokile nje.

About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
