
Iqembu le-Richard Bay FC, lilengelwa ezembeni ngemuva kokulahla amaphuzu amathathu izolo ngesikhathi lishaywa yi Stellenbosh FC emdlalweni we Dstv Premiership ngamagoli 2-1. Lomphumphumela ulethe usizi kubaphathi beqembu, leliqembu alinabo abaxhasi nokwenza lidonse kanzima lwezezimali, umqeqeshi uKaitano Tembo ukhala ngokuthi abanayo inhlanhla emdlalweni ye-Dstv Premiership kodwa emdlalweni wemincintisano lenza kahle. Leliqembu emdlalweni olandelayo lizodlala ne-Cape Town Spurs nokungumdlalo ozohlukanisa kabanzi kulamaqembu ukuthi ngubani ozahlala emsileni njengoba bashiyana ngamaphuzu amathathu. Uma kungabe igcina ngokudliwa yizembe i-Richard Bay FC kuzonciphisa amaqembu KwaZulu-Natal, njengoba kuzosala amathathu. Khona manjalo i-Royal Am ikwazile ukuthola amaphuzu agcwele kowomkhaya ngesikhathi benqoba i-Golden Arrows ngegoli elilodwa lika Menzi Masuku. Ngaleyondlela lithole ukuphefumula kancane, ngonyaka odlule kwadliwa i-Maritzburg United yizembe njengoba isilwela ukubuya ku-Motsepe Foundation League.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
