
Orlando Pirates iqede ishobolo longanqobi emdlalweni embili edlule, ezimnyama zinqobe i-Sikhukhune United ngegoli elilodwa elivalelwe phakathi ngu Thabiso Monyane. I-Orlando Pirates yenze izinguquko kulomdlalo njengoba kuqale umdlalo Vincent Pule ongasajwayele ukuqala umdlalo, kodwa ube nomdlalo omuhle kakhulu. Khona i-Sikhukhune United silokhu silandelwe ishobolo lokunganqobi leliqembu lase Limpopo, lisanda kuxoshwa umqeqeshi Brendon Truter. Leliqembu lingelinye lamaqembu amele i-Ningizimu Africa emdlalweni we CAf Confederation Cup, linabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu nabeke badlala emaqenjini amakhulu akuleli nangaphesheya kwezilwandle.
Kanti UVincent Pule ukhala ngokweqiwa ijezi ku Orlando Pirates kodwa engalimele. U-Pule ubekhuluma ne Bunda ngemuva komdlalo we-Orlando Pirates ne Richard Bay FC eMoses Mabhida Stadium.

“Ngiyiqale kabi isizini ngokudunwa imoto yami lokho kudale ixhwala enhlizweni yami, njengoba manje ngisho ijezi liyangeqa, kodwa ngisebenza kanzima ukuguqula isimo sempilo yami, njengoba nabaqeqeshi bayangiseka nabadlali bonke be Orlando Pirates.” kusho Pule. Lomdlali owaqala ukuzakhela igama ebholeni lakuleli eqenjini le-Bidvest Wits University, wafika kuOrlando Pirates washisa kakhulu njengoba ubengomunye wezethenjwa ze-Orlando Pirates. Emdlalweni womkhaya ungomunye wabadlali abashayela Orlando Pirates amagoli amaqoka, lomdlali ogudla ulayini ngasophondweni lwesobunxele kusala amadoda phansi lesikhwishikhwishi mangabe sesilibambile.
Ngumdlali okwaziyo ukushayela ipali egijima, ngoba ungumdlali odlala ibhola eliyaphambili, kodwa ngaphansi komqeqeshi u-Jose Riveiro ijezi ulizwa ngendaba njengoba lidliwa ngu-Patrick Maswangayi. Kanti kukhona no Dion Hotto,obuye adlale nasemuva ngasohlangothini lwesobunxele, lelinxele libalwa namanxele ahamba phambili kuleli afana no Helman Mkhelele, Simphiwe Tshabalala, Japhet Zwane, Mxolisi Mchunu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
