
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu. Julius Malema uthe iziphakamiso zokuthi i-African National Congress (ANC) iphume ebudlelwaneni bokusebenzisana neqembu lakhe, zifakwe ngenxa yokucikeka ngoba amabharethi abomvu ayaledlula iqembu elibusayo. Lamaqembu womabili, kanye nePatriotic Alliance namanye amancane, abusa ngokubambisana komasipala abaningi, okuhlanganisa nomasipala abakhulu baseGauteng.
Amalungu ekomiti le-ANC kuzwelonke bekumele abhunge amadlelandawonye ngesikhathi ehlangene ngoMsombuluko, kodwa umhlangano wawo wahlehla ngaphambi kokuthi babhekane nalolu daba. Abaholi abaningi be-ANC okuhlanganisa nelungu le-NEC uMnuz Mzwandile Masina noNobhala KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo baphumele obala begxeka ubudlelwano ne-EFF.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
