
Ibiholelwa NgoMasipala Ababili Inkabi Eyadubula Yabulala Umyeni Kamama UNdlunkulu OyiKhansela KwaNongoma. Ngeviki eledlule inkabi eyadubula yabulala indoda kaMama uKhansela weNFP kwaNongoma ibivele enkantolo yakwaNongoma ngeviki eledlule izoqhubeka nokufaka isicelo sebheyili.
Kuvela ukuthi lenkabi ibihola koMasipala ababili, amagama ayo nemali engena kuyona nyanga zonke kukhomba ukuthi ivela njengomsebenzi kulaboMasipala. Lenkabi iphinde yaveza namagama ezikhulu okuyizona ezayithenga ukuthi iyosoconga uMama uKhansela weNFP endaweni yaseBuxedene kwaNongoma.
Kuzokhumbuleka ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kwadutshulwa kwabulawa uMnz uZulu esekhaya lakhe eBuxedene emva kokuthi izinkabi zifike zabuza kuyena ukuthi muphi uMama uKhansela, wathi uZulu akekho akamazi uyephi, zabe sezimdubula uMnz uZulu washona. Nangesikhathi esegonqile uMama uKhansela ehleli emakhandleleni wayehlezi yedwa ngenxa yokuthi bonke omama basemndenini bathi bona ngeke begonqise umuntu ofunwa zinkabi.
Inkabi yabanjwa isiphikelele oPongolo, isazophinde ivele futhi enkantolo.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
