
Uhlelo losomahlaya ophinde abengumsakazi womsakazo i-Gagasi FM, uFelix Hlophe, lukhuza ibuya.
Lolu hlelo, i-Life With Felix, oluzokhombisa abathandi bezikaqedaisizungu impilo kaFelix luzokhonjiswa esiteshini i-Mzansi Magic, 161 luzosibonisa ukuthi uFelix uphila kanjani nomndeni wakhe.
Abesiteshi i-Mzansi Magic baqinisekise ukubuya kwalolu hlelo ngokukhipha isiqeshana esifushane esikhombisa okuzokwenzeka (i-trailer). Kulesi siqeshana, umndeni wakwaHlophe ubonakala uthatha izithombe ugqoke izingubo ezifanayo ezi-Bronw ngokombala.
UFelix, oneminyaka engu-50 ubudala, odabuka eMlazi eThekwini, KwaZulu-Natal, uthe isizini yesibili ihlelelwe ukuqala ngeSonto, lwangomhlaka-11 October 2026 ngo-19:00 ebusuku.
Isizini yokuqala yaqala ukukhonjiswa ngoMay 2025 lapho ababukeli babona khona uFelix ezama ukuncenga unkosikazi wakhe, uTracy Smith-Hlophe, ukuba amuvumele athathe u-Ayanda Bhengu njengenkosikazi yesibili.
Ngaleso sikhathi wathi ukuthatha unkosikazi wesibili kwakungeyona inhloso yakhe, kodwa wathi amadlozi akhe amudinga ukuba abe nesithembu.
Lokhu kwenza ukuba ingabikhona injabulo emndenini wakwaHlophe, kanti noTracy wabonakala ekhala ohlelweni.
Ngemuva kwezinselelo kanye nezingxoxo eziningi, uFelix wagcina emulobolile u-Ayanda wamenza inkosikazi yakho yesibili ngoDecember 2025.
Ngonyaka ka-2018 uFelix noTracy babopha ifindo lomshado.
UFelix uthe uyazi ukuthi ababukeli banemibono eyehlukene ngalolu hlelo nangendlela aphatha ngayo ezomndeni wakhe. Kodwa uthe kumele bamukele ukuthi umndeni ubuya isizini yesibili.
Lo somahlaya udlulise ukuxolisa kubabukeli abangalwamukeli kahle uhlelo, esho ethembisa nokuthi bazozama ukwenza kangcono nakuba bekhona abalujabulelayo.
UFelix ube esebonga kakhulu kulabo abalwesekayo uhlelo i-Life With Felix njengoba ibuya isibili izobonisa indlela aphila ngayo yena nomndeni wakhe.
Okufakwe kweyezokuxhumana i-Instagram:


Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
