
Isikhulu Esiphezulu (CEO) kanye nomsunguli we-Opentickets (engamele ukudayiswa kwamathikithi eMTN 8 Final), uMarnus van Niekerk, uqinisekise ukuthi “akulona neze iqiniso” ukuthi izakhamuzi zaseKwaZulu-Natal zanqatshelwa ngamabomu noma ngohlelo oluthile ithuba lokuthenga amathikithi omdlalo wamanqamu we-MTN8, njengoba lokhu sekubukeka njengento ejwayelekile ukwenzeka emidlalweni emikhulu yamanqamu.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba eMoses Mabhida, uVan Niekerk ugcizelele ukuthi uhlelo lwedijithali lokulinda (digital queueing system) lunikeza bonke abalandeli ithuba elilinganayo, kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuphi.
Amazwi akhe aphendula inkolelo-mbono esineminyaka ikhona yokuthi noma nini lapho imidlalo emikhulu yamanqamu ibanjelwa eThekwini, izinhlelo zokuthengisa amathikithi zibeka phambili abathengi abavela ngaphandle kwesifundazwe ukuze kukhuthazwe ezokuvakasha kanye nokusetshenziswa kwemali embonini yezokwamukela izivakashi esifundeni.
Lezi zinsolo zaphikiswa ngaphambilini yiMenenja yeDolobha laseThekwini uMusa Mbhele kanye neMeya uCyril Xaba.
“Kukhona umbono othi abantu base-KZN abatholanga ithuba elifanele lokuthenga amathikithi; singasho ngokuqiniseka ukuthi lokho akuyona iqiniso,” kwengeza uVan Niekerk esithangamini sabezindaba.
Abahleli baphinde baqinisekisa ukuthi yi-PSL kuphela enqumayo ukuthi umdlalo uzobanjelwa kuphi, hhayi umxhasi. I-MTN icacise ngokuthi iPremier Soccer League (PSL) yiyo kuphela enegunya lokunquma indawo yokubanjelwa komdlalo wamanqamu we-MTN8.
Ukukhethwa njalo kwale ndawo kulethe ukugxekwa ngabalandeli bezinye izifunda, njengoba bebuza ukuthi kungani idolobha laseThekwini lihlale lithola njalo amalungelo okubamba lo mdlalo omkhulu womqhudelwano. Nokho, imenenja jikelele yakwa-MTN yezokukhangisa kanye neBrand, uKholofelo Magagan uthe leyomibono ebilokhu ithi abaxhasi banethonya ekukhethweni kwendawo, ayikho.
UMagagane, uqinisekise inqubo yokuthathwa kwezinqumo ngesikhathi somcimbi wabezindaba eMoses Mabhida ngoLwesithathu, njangoba lenkundla edumile yaseThekwini izosingatha umdlalo omkhulu wesizini ka-2026/27 ngoMgqibelo ebusuku lapho i-Orlando Pirates izobhekana ne-Mamelodi Sundowns.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
